Thola ulwazi kothumela kuye impahla owangaphandle noma i-agent yalelo lizwe elamukela impahla ukuthi ngabe yini izimo zokuhlolwa kwezifo zezilwane kulelo lizwe elamukela okuvela kuwe. Abe-NPPO baseNingizimu Afrika nabo bangakunikeza ulwazi.
Ngokusebenzisana ne-NPPO of South Africa, thola ulwazi lokuthi ngabe uyakwazi yini noma kawukwazi ukuhambisana nezimo zokungenisa impahla ebuya kulelo lizwe ofuna ukungenisa impahla yalo.
Abe-NPPO of South Africa bakhipha isitifikedi esigunyazisa ukuthi impahla kayinazifo uma impahla ihambelana nezidingo zokungeniswa kwempahla kulelo lizwe ethunyelwa kulo.
Izimpahla kumele sithunyelwe kungakapheli izinsuku ezingu-14 ngemuva kokuba zihlolwe okokugcina.
Isitifikedi sokuqala sokugunyaza ukuthi impahla ayinazifo kumele sihambe nempahla.
Uma izitshalo noma imikhiqizo yezitshalo ezithunyelwa ngaphandle zifika echwebeni lokungena kulelo lizwe ezithunyelwa kulo, izipikitele zezitshalo be-NPPO yalelo lizwe impahla engeniswa kulo, bazogcina leyo mpahla ukuze ihlaziywe nokuhlolwa.
I-agent noma ongenisa impahla kumele abe nawo wonke amadokhumende okungenisa impahla azowakhombisa izikhulu zechweba okungene kulo impahla kulelo lizwe.
Isikhathi sokukhishwa kwesitifikedi sesigunyaziso sokuthi impahla kayinazifo sincike kulowo mkhiqizo uqobo kulelo lizwe, bheka kwi-website ethi: export protocol.
